Imikhawulo ekubukiseni nasekuqeqesheni izilwane ezenza imidlalo nezinja ezisetshenziselwa ukuqapha.
Isigaba 1 soMthetho onguNombolo 7 ka -1991 singene esikhundleni sesigaba 1.
UMantshi angakhipha ilayisensi yokubukisa nokuqeqesha izilwane ezigila imikhuba noma lokusetshenziswa kwezinja ukuba ziqaphe. - Noma imuphi umuntu ohlose ukubukisa noma ukuqeqesha isilwane ukuze siye embukisweni, noma osebenzisa inja ukuba iqaphe, angafaka isicelo ngokubhala kuleli fomu elinqunyiwe asibhekise kumantshi wesifunda lapho lowo muntu ehlala khona, edlala noma eqhuba khona ibhizinisi, acele ilayisensi yokwenza lokhu, umantshi yena uyakukhipha ilayisensi.
c umantshi ebona kufanele kunesizathu esihle nesilindelekile angachitha isicelo sokuvuselela ilayisensi; futhi d uNgqongqoshe ngokukhipha imithethonkambiso anganquma ifomu okufanele isetshenziselwe ukufaka isicelo selayisensi, nemibandela engahambisana nayo leyo layisensi kanye nemali engakhokhelwa ilayisensi noma ukuvuselelwa kwalo.
Isitifiketi mayelana nezilwane ezinelayisensi. - Umuntu onelayisensi okukhulunywa ngayo esigabeni 2 angeke abukise noma aqeqeshe noma isiphi isilwane noma enze ukuba kubukiswe ngaso noma siqeqeshelwe umbukiso noma asebenzise inja ukuba iqaphe ngaphandle uma enesitifiketi esimgunyaza ukuba abukise, aqeqeshe noma asebenzise isilwane anelayisensi laso.
Isitifiketi okukhulunywa ngaso kusigatshana 1 siyokhishwa ngumantshi ngefomu elinqunyiwe ngemuva kokuba lowo onelayisensi ethumele imininingwane kuye.
Kuleso sitifiketi kuyoshiwo indlela okuzoqhutshwa ngayo uqeqesho, umbukiso nokusetshenziswa kwesilwane noma izilwane esikhishelwe zona isitifiketi.
UMantshi uyoba namandla futhi okuchibiyela isitifiketi leso uma lowo onikwe ilayisensi efaka isicelo sokuchibiyela isitifiketi ngoku...
Ilungelo lokungena.- Ngaphezu kwamandla anikwe iphoyisa ngaphansi kwanoma imuphi omunye uMthetho iphoyisa linga...
b hlola lezo zilwane, izinja noma amagceke, indawo noma imoto kanti lingaphenya ngokugcwele ngezinyathelo nezindlela ezisetshenziswayo ukulawula, ukuthiya, ukuqeqesha lezo zilwane noma izinja kanye nendlela yokuzinha ukudla lezo zilwane nezinja; futhi c ngesikhathi sombukiso wezilwane eziqeqeshiwe noma ngesikhathi kusetshenziswa izinja ukuba ziqaphe noma nje ingasiphi esinye isikhathi, lingangena emagcekeni, endaweni noma emotweni noma ingxenye yalokhu mayelana nalowo mbukiso noma ukusetshenziswa ukuze lihlole lawo magceke, indawo noma imoto noma izilwane noma izinja ezikhona kuleyo ndawo kanye nesimo ezigcinwe, ezilawulwa noma ezondliwa phansi kwaso ngesikhathi sombukiso noma ukusetshenziswa noma ingasiphi isikhathi.
Ukuthikameza iphoyisa. - Noma imuphi umuntu othikameza, alibazise noma agxambukele ngamabomu emsebenzini wephoyisa liqhuba umsebenzi walo noma lisebenzisa amandla elinikwe wona lapha noma afihle isilwane ngenhloso yokukhubaza ukusetshenziswa kwalawo mandla, noma ophazamisa noma akhinyabeze ukusetshenziswa kwalawo mandla uyakuba esenze icala kanti uma elahlwa yicala uyakuhlawuliswa imali engevile ezi-R4000 noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingeqile ezinyangeni eziyishumi nambili ngaphezu kwanoma isiphi esinye isigwebo esikhishelwe ukwephulwa kwalo Mthetho noma imithethonkambiso eyenziwe ngokwalo Mthetho.
kanye nokuqhutshwa kangcono kwezinjongo nezinhloso zalo Mthetho jikelele.
Inhlawulo. - Noma imuphi umuntu ophula umbandela walo Mthetho noma yimuphi umthethonkambiso omiswe ngaphansi kwalo Mthetho okunqunyelwe inhlawulo noma imuphi umbandela welayisensi noma isitifiketi uyakuba necala kanti uma elahlwa yicala uyakukhokha inhlawulo engevile ezi-R4000 noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingedlule ezinyangeni eziyishumi nambili.
Ukulondoloza. - Akukho lutho kulo Mthetho oluyosebenza ekuvalelweni noma ekuqeqeshweni kwezilwane ngenhloso yezempi, yezamaphoyisa noma yezemidlalo noma ngenhloso yombukiso wezolimo, umbukiso wamahhashi, umbukiso wezinja, umbukiso wezinyoni ezifuyiwe noma imuphi umbukiso womphakathi ngempilo yezilwane, emjahweni noma emncintiswaneni wezempi noma wamaphoyisa noma imuphi umbukiso ofana nalona noma umbukiso wezilwane noma ukusetshenziswa kwezilwane eziqaphayo nguMbutho wezokuVikela waseNingizimu Afrika, noma uMbutho wamaPhoyisa waseNingizimu Afrika noma uMsebenzi wezamaJele.
Umthetho okufanele ufundwe noMthetho onguNombolo 71 ka-1962. - Lo Mthetho uyakufundwa njengoMthetho owodwa noMthetho wokuVikela Izilwane ka-1962 (uMthetho ongunombolo 71 ka-1962), kanti amandla anikwe ngaphansi kwalo Mthetho ayakwengezela amandla anikwe yilowo Mthetho ngaphandle uma inhloso iphikisana nalokhu.
Ukuhunyushwa kwamagama asetshenzisiwe.
ukusebenzisela ukuqapha kushiwo ukuqeqesha, ukusebenzisa noma ukunikela ukuze kuzuzwe noma ukuqashisa ngenja ngenhloso yokuvikela abantu noma impahla.
Isihloko esifushane. - Lo Mthetho uyobizwa ngoMthetho wokuVikela iZilwane Ezidlala Imidlalo ka-1935.
